Ukungalawuleki komphakathi wakwa-Nongoma nge-lockdown
Zodwa sent a message to Bheki Cele.
- To
-
Bheki Cele
- From
-
Zodwa
- Subject
- Ukungalawuleki komphakathi wakwa-Nongoma nge-lockdown
- Date
- May 6, 2020, 5:22 a.m.
Mhlonishwa
Ngiyilunga lomphakathi wakwa-Nongoma elikhathazekile ngokungalawuleki kwabantu. U-Minister Mbalula wathi ama-taxi azothutha umphakathi kusukela ngehora lesi-5 ekuseni, kodwa lapha kwa-Nongoma akwenzeki lokho. Ngakhe eduze komgwaqo omkhulu obheke kwa-Dabhazi, ama-taxi adlula kusukela nge-hora loku-1. Sicela ungenelele ngoba sisengozini yokuthola i-covid-19. Ngibona sengathi ama-taxi yiwona ayimbhangela yalobubudedengu ngoba yiwo athutha umphakathi ngesikhathi esingavumelekile.
Ngothokoza kakhulu Ndosi uma sisukunyelwe isikhalazo sami.
Future replies will be published here.