Sidinga usizo oluphuthumayo.

Anonymous sent a message to Bheki Cele.

To
Bheki Cele
From
Anonymous
Subject
Sidinga usizo oluphuthumayo.
Date
Jan. 9, 2021, 4:33 p.m.
Ngyabingelela mhlonishwa Ndosi.

Ngiyisakhamuzi esikhathazekile kakhulu sase Mzimkhulu , kubi baba la abantu abafuni ukuthobela umthetho ngikhuluma nje kunetiye la kwamakhelwane noma ubakhuza abezwa futhi kulezinsuku ezidlule bekunemijadu kulendawo, mina ngiku ward 18 eMqhokweni (Gcwentsa).

Umuntu oyi phoyisa angikaze ngimbone solokhu kunalemithetho, i police station yethu yi Goan lea police station Umzimkulu. Noma abantu bebona ukuthi kuyafiwa kadwa banenkani baya emingcwabeni ngobuningi nasemicimbini sengikhuze ngakhathala kunjalo nje abafaki zifonyo abanye bagaya amajiki benze imicimbi.

Siyacela baba uNdosi usisize ungenelele ngoba amaphoyisa alapha eMzimkhulu akanakanga.
Ngicela ukuligodla igama lami ngyabonga.

Future replies will be published here.