Sicela usizo

Mawande sent a message to Bheki Cele.

To
Bheki Cele
From
Mawande
Subject
Sicela usizo
Date
Feb. 21, 2021, 12:49 a.m.
Sawbona baba uBheki Cele. Umama wami ukhanda uthangi(stop nonsense) ngoba ethi ukhanda i peace. Baba sinenkinga nomakhelwane.Namuhla omakhi bebekhanda i foundation,besa khanda i foundation kufike ingane yakamakhelwane isabisa omakhi.Kusenjalo ibambe umama wami ngesiphika senzila bese yamushaya ngaphezulu. ngaphezu kwalokho mina bangishaya emathengeni ngoba bengithi ngiqhubeka nomsebenzi womakhi ngoba ngithi nje ngomuntu wasekhaya ngeke badelele.Ubhuti wami obezobona umama ngoba ezwa ukuthi ushayiwe uye kwamakhelwane ethi uyobuza ukuthi yini inkinga. Uthe efika ethi uyabakhulumisa omakhelwane kwaphuma yena lomfana oshaye umama washintsha isbhami.Wathi ufuna ukusibulala asiqede.Ingane zakhona nazo zathi zizothola ubhuti wami omncane ngoba uyaphapha.Bezithi uphapha ngoba zimbone ephethe ifoni,zicabanga ukuthi uqopha ivideo.Amaphoyisa siwabizile kodwa khona ekhona bebeqhubeka nokusithuka.Baba sesikhande ama protection order nakho konke okomthetho kodwa kuyazifanele ngoba usizo asilutholi luphelele.Baba ngu Mawande Maryarm Mkhwanazi kodwa ngihlala kwaManyoni(kulapho okwenzeke yonke lento ebuhlungu) eDannhauser,KwaMdakane.Thina no mndeni wami besicela ama TRT (barret) basixazulele.Sikhathele baba manjr okunye no mndeni wami osunokusaba. Le ndaba isineminyaka yenzeka.

Future replies will be published here.