- To
-
Bheki Cele
- From
-
Nozipho Mngomeni
- Subject
- noziphomngomeni@gmail.com
- Date
- April 1, 2024, 3:43 p.m.
Dear Mr Bheki Cele
Mhlonishwa
Ngibhala le email ngikhathazekile, kanti futhi nginombuzo.
Ngino ndodana owaboshwa e Kokstad ngomhla ka 29 ku November 2023 ngecala lokushaya owesifazane. Kusukela loko alithethwa icala lakhe, akanikwa ne bail, well bekungenalutho ke loko maybe yindlela umthetho owenza ngayo.
Manje ngicela ukubuza ukuthi akabonwa nokubonwa umzali oyimina? Ngiyile ngithi ngiyombona kwathiwa izivakashi azivumelekile, loko kuvele kwangimangaza impela mhlekazi.
Manje undodana uyagula kakhulu khona estokisini. Wahanjiswa esbhedlela ngomhla ka 22/03/2024. Wenziwa ama investigations kwatholakala ukuthi une TB wafakwa kwi treatment, wa discharge ngomhla ka 27/03/2024 waphindela estokisini.
Manje ngiqeda kushayela khona eKokstad ngithi ngicela ukuyombona since nempilo ibuthaka, impendulo ithi cha angivunyelwe ukumbona, ngasengiyachaza ukuthi lomuntu akaphilanga u weak kakhulu, kwathiwa angivunyelwe ukuzombona noma kunjalo.
Ngibe sengiyababaza ke ngathi hayi kunzima, wathi ongiphendulile, ANGITHI YILOHULUMENI ENAMVOTELAYO, ENISAZOPHINDE NIMVOTELE FUTHI, UHULUMENI WE ANC!!!!! Ngikhathazeke kakhulu and bengingayilindele such a response from the official.
Kodwa bengicela ukuyobona ingane yami isingaze ife ngingasayibonanga na kodwa.
Ngizolindela isigwebo says mhla yagwetshwa, kodwa bengicela ukuyoyibona.
Igama layo ngu; Mphikeleli Silangwe
Mina ngingumama wakhe u Nozipho Mngomeni.
Ngiyabonga Mhlonishwa
Future replies will be published here.