FRAUD CASE

Thokozani Hlongwane sent a message to Bheki Cele.

To
Bheki Cele
From
Thokozani Hlongwane
Subject
FRAUD CASE
Date
Feb. 25, 2021, 7:04 p.m.
Baba uCele kunecala engilivule ngoJanuary esiteshini samaphoyisa iMountain Rise ePietermaritzburg, ngibanike bonke ubufakazi bobugebengu obenziwe kimi ngabanika ne-address yabenzi bokubi, ngabanika nabantu abasebenzisana nabo ekwenzeni ubugebengu, kodwa kuze kube imanje abakaze baye kophenya.

Ngomhlaka 25 February 2021 ngiyile kuwo amaphoyisa ngithi ake ngiyokuzwa kuqhubekani, umphathi wecala ungeluleke ngokuthi ummeli ongangisiza kulelicala wangitshela izinto ezizozshiwo kubo njengamaphoyisa zishiwo yilaba engithi basebenzisana nezigebengu wathi zizophika bona njengamaphoyisa ngeke bakwazi ukungisiza, kanti nangelinye ilanga ngiyile kubo bake bangitshela ukuthi ukhona oboshiwe ngalelicala.

uma ngiphindela ngafika sebengitshela into engazwakali bathi angazi benze iphutha kanjani, okungikhathazayo bavele bathi bengenze lutho bakutshele okuzokwenzeka uma kungenzeka benze ukuthi, okungiphatha kabi abakayi kuzigilamkhuba ekubeni ngabanika iaddress yakhona.

Ngiyabonga ngicela usizo;

Future replies will be published here.